Njengoba ngimi lapha, ngimi nginomuzwa wokujabulo nomuzwa wokudabuka, ngijabule ngoba namhlanje sizofeza iphupho lokufika kwempilo engcono kubantu bakithi KwaNibela, kanti ngidabukile isibili ngoba ezinsukwini eziyisihlanu ezedlule, silahlekelwe yimiphefumulo yezakhamizi zezwe lakithi ezinhlanu ezingenacala ngenxa yeziphepho ezisanda kuhlasela izindawo zakithi eMshwathi, eMandeni naseNdwedwe. Lezizehlakalo zibuye zasikhumbuza iqiniso elibuhlungu lokungabi sesimeni esifanele kwezindlu abantu bakithi abahlala kuzona ezindaweni zasemakhaya.
Esikhathini esincane nje kusukela mhla zingu 17 December 2004, kuze kube manje, sesibe neziphepho ezinamandla ezingu 19, uma ngibala nalezi zangoLwesibili esiphuma kulo, nezidale umonakalo ezingxenyeni eziningi zesiFundazwe sakithi. Uma siphosa iso nje emonakalweni odalwe yileziphepho, kuyavela ukuthi abantu abaningi abakhahlamezekile, abantu abahlala ezindaweni zasemakhaya. Siyazi ukuthi akulona iphutha labantu bakithi abahlala emakhaya, kodwa kungenxa yengcindezelo abazithola bengaphansi kwayo, ivela kuHulumeni wobandlululo owawunendluzula, nowawuzishaya indiva izidingo zezindlu zemiphakathi yethu emakhaya nasemalokishini.
Ngenxa yomonakalo odalwe yisiphepho ezindlini zabantu, kuye kwadingeka ukuthi sisebenzise isamba semali engu 19,3 wezigidi zamarandi, ukusiza abantu bakithi abakhahlamezekile kanti futhi sisazodinga enye imali ukuze sibhekane nezimo eziphuthumayo zakamuva.
Lena yimali okungabe siyisebenzisela ukwakha izindlu ezintsha ukuze sivale igebe lokushoda kwezindlu kubantu bakithi eladalwa wubandlululo, kodwa sekumele sivuselele izindlu zabantu bakithi ezilimele ngenxa yokuba zingekho esimeni esifanele esingamelana neziphepho.
Kuyangicacela Mphakathi wakwaNibela ukuthi, uma sifuna ukuqeda ukusilela emuva ngentuthuko kwezindawo zasemakhaya okwadalwa wubandlullo, kumele sibhukule silwe. Ubandlululo lwathatha abantu bakithi ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini lwabaxhaphaza, empeleni lezizindawo kwakuyilapho uhulumeni wobandlululo wawuzitholela khona abasebenzi ababegqilazwa bebe bekhokhelwa ubala.
Namuhla silapha esizweni senkosi u-Mdluli, ukuzobhukula silwe nokusilela emuva kwentuthuko okwashiywa wubandlululo ezindaweni zasemakhaya.
Ngesonto eledlule besiseMseleni, nalapho khona besikomunye umkhankaso wokulwa nomonakalo owashiywa wubandlululo ngokuthi sethule izinhlelo zokwakhela abantu bakithi izindlu. NgoMsombuluko ozayo sizobe siKwaMnqobokazi.
Sihamba ngesikhulu isivinini emkhankasweni wokwenza ngcono izimpilo zabantu bakithi emakhaya.
Lezizingqalabutho zaqhubeka zathi uma selibuswa ngentando yabantu lelizwe, abantu bayokwakhelwa izindlu, kube nokuphepha nenhlalonhle. Ngokusobala ababekusho ukuthi bonke abantu bakuleli kumele bathole izindlu ezisesimeni esikahle, akekho okumele ahlale emikhukhwini kube kunabantu abahlala ezindaweni ezintofontofo nezicokeme. Ngesikhathi bethatha lesinqumo lokhu kwakufana nephupho, kodwa namhlanje lowombono usuyisisekelo somgomo kahulumeni wabantu.
Kuyasithokozisa ukuthi uhulumeni usebenzise umnyango wethu ukuba kube yiwona ogcwalisa umbono nephupho lokuthi abantu bakithi bakhelwe izindlu eziseqophelweni elingcono.
Uhulumeni wengcindezelo awuzange ubabhekelele abantu bakithi abahlala ezindaweni zasemakhaya. Iningi labantu baphoqelelwa ukuba bahlale ezindaweni ezingakulungele ukuhlala umuntu, okungumhlaba owomile, ongasebenzeki nongenanzuzo.
Ukususwa ngenkani ezindaweni zethu kwaphenduka insakavukela umchilo wesidwaba. Iningi lenu liyabazi lobobuhlungu obabuhambisana nokwehliswa kwesithunzi sabantu bakithi. Imindeni yahlukumezeka yehlukana phakathi, amasiko ethu ashabalala kodwa asilahlekelwanga ummongo nethemba.
Abaningi balababantu babetholakala ezindaweni zasemakhaya ezifana nalena yalapha KwaNibela, kanti abanye babalekela emikhukhwini ezungeze amadolobha.
njengenkinga enkulu ebhekene neNingizimu Afrika emva kokuwa kombuso wobandlululo. Kuleminyaka yombuso wentando yeningi elishumi nanye eyedlule sesikwazile ukusebenzisa izinqubo-mgomo kuzwelonke nasezifundazweni ukulungisa isimo. Namhlanje kuyasithokozisa ukusho ukuthi sesikwazile ukwakha izindlu ezevile esigidini namakhulu ayisithupha , sakhela abantu bakithi abebengenazindlu ngaphambilini kanti ziningi futhi ezinye ezisakhiwa ngikhuluma nje.
Sizimisele ukukhuphula uhlelo lokwakhiwa kwezindlu minyaka yonke ukuze silwisane nenkinga yokwentuleka kwezindlu ngokushesha.
Nakuba loluhlelo luzothatha iminyaka, kuyasijabulisa kodwa ukuthi izinhlelo zentuthuko sizethula ngokushesha, ubufakazi balokho ukuma kwami phambi kwenu namhlanje. Sinesiqiniseko sokuthi siphethe uhlelo oluphumelelayo.
Izinqubo-mgomo zethu akuzona nje izifiso zikahulumeni. Kepha lezizinqubomgomo zimele ukuzimisela kukahulumeni ukubhekana ngqo nokwantuleka kwezindlu ziqinisekise nokuthi sonke isakhamuzi sakulelizwe silala ekhaya elifudumele.
Thina njengomnyango sikholelwa ekutheni ukwakhiwa nokuthuthukiswa kwezindlu kufanele kuhlomulise wonke umuntu akukhathalekile ukuthi uhlala emakhaya noma esilungwini. Sikholelwa ukuthi abantu bakithi ikakhulukazi labo abahlala emakhaya kumele bakwazi ukuthola usizo lukahulumeni nezinqalasizinda, njengemigwaqo, amanzi, ukuthuthwa kwendle kanye nogesi.
Indlu phela inika umuntu isithunzi nokuziqhenya, iyindawo ongayibiza ngekhaya, ikuvikela kwiziphepho, nesimo sezulu esibi, iyindawo yakho yokuphepha nekunika ubunikazi.
Namhlanje inqola yethu yentuthuko isithe cababa lapha KwaNibela ukuzoshabalalisa imiphumela yobuphofu elethwa ukungabikho kwezindlu ezanele ikakhulukazi emiphakathini yakithi emakhaya.
Loluhlelo lwezindlu esinethulela lona namuhla Ndabezitha, Nkosi u-Mdluli, nesizwe sonkana lusho isiqalo esisha emphakathini walapha nakuyoyonke imiphakahi yasemakhaya kulesisifundazwe sakithi. Lomsebenzi esiwethula namuhla uzoshintsha izimpilo zabantu abaningi abakhele lendawo yaKwaNibela.
Lengqophamlando yomsebenzi iwubufakazi bokuthi sesithathe elikhulukazi igxathu ekufezekiseni umbono wethu wokuthuthukisa izimpilo zabantu bakithi ikakhulukazi labo abampofu kakhulu.
Ngaphezu kwalokhu loluhlelo luzophinde ludale amathuba emisebenzi elinganiselwa emakhulwini amabili , kanti futhi maningi azobuye atholakale angawesikhashana. Ngaloluhlelo sizoqinisekisa ukuthi abantu bakhelwa izindlu ezindaweni lapho behlezi khona abazukushintshelwa kwezinye izindawo. Indlu ngayinye izoba ngu 42 square metres nokuyindlu enkulu ngokwanele futhi engcono kakhulu nangokwesakhiwo. Okunye futhi okumnandi ngaloluhlelo lwalapha kwaNibela wukuthi izitini zokwakha lezizindlu zizothengwa kinina mphakathi ukuze nikwazi ukuzenzela inzuzo nizithuthukise.
Ngalolu hlelo lwezindlu sigcwalisa ukuzimisela nokuzinikela kwalohulumeni osuphethe KwaZulu-Natal ukuthi esikushoyo nembala siyakwenza. Inhloso yethu enkulu singuhulumeni ukuthi siqinisekise ukuthi abantu bakithi bathola impilo engcono elethwe inkululeko ababe nesandla ekufikeni kwayo.
Njengoba sethula loluhlelo lapha namhlanje sikwazi kahle kamhlophe ukuthi kusenabantu bakithi abaningi kwezinye izindawo abangenazo izindlu ezanele, futhi abangenazo izinqala-sizinda. Siyazi futhi ukuthi ububha, izifo, nokungafundi kusathanda ukuzakhela kakhulu ikhaya ezindaweni zasemakhaya. Ngakho ngezinhlelo ezifana nalolu lwanamhlanje siyazibophezela ekulweni nobubha silethele abantu bakithi impilo engcono ikakhulukazi labo abahlala ezindaweni zasemakhaya.
Kuyinjongo yethu njengohulumeni ukuthi ekugcineni sibone yonke imiphakathi yakhelwe izindlu. Sifuna ukuletha izinhlelo zezindlu kuzo zonke izindawo ebezinganakiwe ohulumeni ebebephethe ngaphambili. Njengohulumeni sifuna ukubona abantu bakithi benezindlu ezithi bona.
Kuyasidabukisa njalo ukubona ukuthi abantu bakithi ezindaweni zasemakhaya bahlala ezindlini ezakhiwe ngodaka, ezinye ezingakwazi ukumelana ngisho nemikhemezelo yemvula nomoya olula, nokugcina ngokudala izingozi nezingane zethu zithole izifo, njengoba kwenzekile e-Ndwedwe.
SinguHulumeni sithi abantu bakithi ababe naso isakhiwo esizomelana neziphepho.
Lokhu angeke kwenzeke uma iningi labantu bakithi lisazithola emikhukhwini, nasezindlini ezingekho esimeni. Unembeza wethu njengoHulumeni uyaphikisana nokuhlupheka kwabantu kanjalo nomthetho sisekelo wethu uthi abantu kufanele baphile impilo engcono.
Ngesonto elizayo lomhlaka 23 kuya kumhlaka 24 kuyolenyanga kaMashi, sizobamba ingqunguthela cishe engenkulukazi esifundazweni emayelana nezindaba zokwakhela abantu bakithi izindlu. Kulengqungquthela sibheke ukuthi udaba lwezindlu emakhaya luhambe phambili.
Mphathi wohlelo ngithanda ukuthatha lelithuba kengikhumbuze isizwe ukuthi asigcini ngokwakha izindlu nje kuphela kodwa, izinhlelo zokwakhiwa kwezindlu zihambisana nokwakha amathuba emisebenzi, sizoqinisekisa kakhulu ukuthi kuloluhlelo lwezindlu lwalapha kwaNibela, abesifazane, yintsha kanye nabakhubazekile baba yingxenye yalezizinhlelo.
Kuyo yonke iminyango esengibe uNgqongqoshe kuyo eminyakeni eyisithupha edlule, besilokhu sikuqinisekisile lokhu. Sizophinde sikuqinisekisa nokuthi abazosebenza kuleprojekthi bayaqeqeshelwa amakhono azobenza bakwazi ukuba yingxenye yabasebenzi abanamakhono esifundazweni sonke, nokuzobenza baqasheke ngisho kwezinye izindawo uma sekuqediwe ukwakhiwa lapha.
Uma siqikelela ekuthuthukiseni amakhono sizokwenza ukuthi sisheshe kakhulu ukunciphisa igebe elikhona phakathi kwabampofu nabadla izambane likampondo, abeswele nabanothile. Sineqiniso ukuthi indlela esihamba ngayo ibheke ekuqedeni ubuphofu nokwantuleka kwemisebenzi.
Bafowethu nodadewethu siyazi ukuthi kukhona abathile abalokhu bezame njalo ukucekela phansi imizamo yethu yokusheshisa intuthuko.
Udlame nobugebengu buyasiphazamisa emgomweni wethu, Kanjalo nalabo abakhela abantu bakithi izindlu ezingekho esimeni, abaqashisa ngezindlu zomxhaso kaHulumeni ngisho nalabo abazidayisayo. Bonke lababantu basibuyisela emuva ngoba, izimali nesikhathi okumele ngabe kusetshenziselwa ukuthuthukisa izimpilo zabantu bakithi zichithwa ekulwisaneni nenkohlakalo, udlame nobugebengu. Ngakho ngiphonsa inselelo kithina njengomphakathi ukuthi silwe nalokhu ukuze siziveze obala izigilamkhuba ezifuna ukusibuyisela emuva.
Asingavumeli idlanzana labantu licekele phansi konke okuhle esesikuzuzile kuleminyaka elishumi nanye sathola inkululeko. Umphakathi yiwona okufanele uziqaphela ngokwawo izinsiza zawo. Impumelelo esesibe nayo besingeke siyithole ukuba nina njengomphakathi anibambanga iqhaza naguqula imiphakathi yenu ngokuthi nizithuthukise nina.
Loluhlelo esilwethula namuhla luwubufakazi bokubekezela kwenu nilwisana nokungafiki kwentuthuko nobubha. Singuhulumeni asenzi izethembiso ezingekho. Okwethu ukuthi silethe intuthuko ngoba intuthuko phela ingumongo wentando yeningi kulelizwe lethu. Ngempela njengoHulumeni sesisenzile isisekelo sempilo engcono futhi siyaqhubeka ngamandla. Sikholelwa ekutheni eminyakeni ezayo uma umlando walohulumeni usuqoshiwe yinina eniyoqhubeka nokuphakamisa isihlonti sokukhanya niphumele naso emhlabeni omusha.
Njengoba sethula loluhlelo namuhla kusekhona izivumelwano okusafanele ziqedelwe, ngakho umsebenzi wokwakha awuzukuqala kusasa.
ke mphakathi ukuba nibekezele. Khumbulani phela ukuthi nengane iqala ngokukhasa ngaphambi kokuthi ihambe. Ngakolunye uhlangothi kuzomele umasipala nezisebenzi zomnyango wami sihambe ngesivinini ukuze loluhlelo luqale abantu bangene ngokushesha ezindlini zabo.
BAY, nobuholi bonke basendaweni yaKwaNibela ngokubambisana ekusebenzeni nomnyango wami ukwenza lomsebenzi ube yimpumelelo. Ngalobubuholi nokusebenzisana esibenakho sesingasho kugcwale umlomo ukuthi iphupho nombono wezingqalabutho ezazise Kliptown sekuyafezeka.
Wonke umuntu uyakuba nendlu esesimeni esifanele, ukuphepha nenhlalakahle.
